IsiKotilandi
iSikotilandi |
|||||
|---|---|---|---|---|---|
| Isaga: "Nemo me impune lacessit" (isiLathini) "Akekho ongihlokolozayo ongajeziswa" |
|||||
| Inkondlo: Flower of Scotland IsiNgisi Imbali yesiKotilandi |
|||||
Location of IsiKotilandi (dark green) – in iYurobu (light green & dark grey) Location of IsiKotilandi (dark green) – in iYurobu (light green & dark grey) |
|||||
| Isiqongo | i-Edinburgh | ||||
| Idolobha elikhulu | IGlasgawu | ||||
| Izilimi | iSikoshi, isiNgisi | ||||
| Abantu | basesKotilandi noma amaSkoti | ||||
| Uhulumeni | |||||
| - | iNgonyama | uCharles III | |||
| - | iNdunankulu | uKeir Starmer | |||
| - | uNgqongqoshe oPhambili | uJohn Swinney | |||
| Ubukhulu | |||||
| - | Jikelele | 78,387 km2 30,414 sq mi |
|||
| Inani labantu | |||||
| - | 2010 ukulinganisa | 5,222,100[1] | |||
| - | 2001 uhlolovo | 5,062,011 | |||
| - | Ixuku labantu | 65.9/km2 170.8/sq mi |
|||
| Imali | Upondo (GBP) | ||||
IsiKotilandi siyilizwe eliyinxenye yoMbuso oHlangeneyo. Lokho akuchazi ukuthi isiKotilandi sizimele kwezombusazwe kodwa kuyigama elisetshenziswa ukukhombisa umlando wesiKotilandi ukuthi kudala sayisizwe esazisimele. Kungakho isiKotilandi singaqhathaniswa nezifundazwe zamanye amazwe afana neNingizimu Afrika. IsiKotilandi siqukatha inxenye esenyakatho yesiqhingi sikaBhulithani Nkulu kanye neziqhingi zaseHerbrides naseNorthern Isles. Ku-2022, isiKotilandi sayinenani labantu abayizigidi ezi-5.4 ngokulinganisa. Isiqongo siseEdinburgh kodwa inxuluma/idolobha elikhulu kunawo wonke iseGlasgow. IsiKotilandi inemingcele neNgilandi ngaseningizimu futhi inogu noLwandle lwaseNyakatho ngasenyakatho nasempumalanga kanye neLwandle wase-Atlantiki ngasentshonalanga nolwandla wase-Ayilendi ngaseningizimu-ntshonalanga. Nakuba singazimelanga, isiKotilandi sinezikhungo ezombusazwe ezigunyazwe yiPhalamende loMbuso oHlangeneyo ukushaya imithetho nokuziphatha emikhakheni ezithile. Kungakho, isiKotilandi sinePhalamende elinamalunga ayi-123, amele izifunda zokhetho ezingama-72. uHulumeni waseKotilandi uyigatsha lokhuphatha ezombusazwe eliholwa nguNgqongqoshe Phambili ongusihlalo womkhandlu okuphatha ophenduleleka imingqubomgomo kahulumeni kanye nokusebenzisana nezizwe zangaphandle.
uMbuso waseKotilandi uvele uyisizwe esizimele ngekhulu lesishiyagalolunye. Ngokugcina umfelandawonye neFulansi, isiKotilandi sikwazile ukugcina ukuziphatha okwakusongelwa yiNgilandi. Ngo-1603, iNgonyama yaseKotilandi uJakobe VI uphinde waba yiNgonyama yaseNgilandi nase-Ayilendi. Ngo-1707, isiKotilandi neNgilandi zihlangabisiwe ukusungula uMbuso waseBhulithani Nkulu eluholele ekutheni iPhalamende yaseKotilandi ihlanganiswe nePhalamende yaseNgilandi. Ngo-1999, isiKotilandi sinikezwe iPhalamende yaso ehlukile kwiPhalamende yoMbuso oHlangeneyo kepha lisangaphansi kwayo. Ngokusungula futhi, isiKotilandi sigunyazwe ukuziphatha emikhakheni eminingi yezangaphakathi. IsiKotilandi sinezinhlelo ezingqayiveli zezobulungiswa, zemfundo kanye nomlando wenkolo okuholele ekutheni isiKotilandi silondoloze amasiko wobuSkoti kanye nobuhlonzi bobusizwe. IsiNgisi samaSkoti kanye neseSkoti ziyizilimi ezikhulunywa ngabaningi abantu, futhi zihlobene ngendlela enza kubelula ukuthi abakhulumi balezilimi bazwane kalula. IsiGaelic saseKotilandi sitholakala kuyonke indawo kepha abahlali beziqhingi zaseHerbrides yibona kaningi abasincele ebeleni. Abantu abakwazi ukukhuluma isiGaelic saseKotilandi bangama-2% wabantu kodwa uhulumeni unezinhlelo zokuvuselela isiGaelic ezizale indlondlobalo yenani labakhulumi ngokwelimi lwesibili.
isiKotilandi sinezinxenye ezintathu ngaphandle kweziqhingi zaseNyakatho naseHebrides: Umhlaba Phezulu onezintaba eziningi oqukethe inyakatho nenyakatho-ntshonalanga yendawo, Umhlaba Phansi obushelezi noma onesicaba kanye noMhlaba Phakeme waseNingizimu onezigquma ngasemngceleni neNgilandi ngaseningizimu. Umhlaba Phezulu unezintaba ukundlula zonke izindawo zeqhingi yaseBhulithani Nkulu futhi ubandakanya isiqongo esingaphezulu kwazo zonke zalesiqhingi: intaba kaBen Nevis eyizinyawo eziyizi-4,413 noma amamitha ayi-1,345. Futhi uMhlaba Phezulu unamachibi abizwa ama-loch; igama elisetshenziselwa izingeniso zamanzi anosawoti egwini lwaseKotilandi olinezimbobo eziningi.
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Population of Scotland at its highest since 1977". STV. 27 April 2011. Archived from the original on 18 January 2012. Kulandwe ngomhlaka 27 April 2011.
