Jump to content

uCharles III

Kubuya ku Wikipedia
(Redirected from Charles III)
u-Charles wesiThathu

isiThombe saYena oPhakemeyo, uCharles wesiThathu, ngo-2023
Wazalwa uCharles wase-Edinburgh
14 kaLwezi ngo-1948
isiGodlo sakwaBuckingham, eLondoni, eNgilandi
Indawo yokuhlala isiGodlo sakwaBuckingham
Uhlangaqembu umNgisi
Isakhamuzi Umbuso oHlangeneyo
Imfundo iKoleshi kaZiquzintathu yeNyuvesi yasCambridge
Uhlobo Yena oPhakemeyo
Isiqu iNgonyama yoMbuso oHlangeneyo
iNhloko yeCommonwealth
Umanduleli wakhe iNdlovukazi u-Elizabeth II
Inkolo UbuKristu
Ihlelo iSonto laseNgilandi
Ashade naye

iNkosazana yaseWelisi uDianna (bashade ngo-1981; bahlukene ngo-1996)

uNdlunkulu uCamilla (bashade 2005)
Izingane

iNkosana yaseWelisi uWilliam

iNkosana uHarry, iNduna yaseSussex
Abazali

iNdlovukazi u-Elizabeth II

iNkosana uPhillip, iNduna yase-Edinburgh
Umndeni kwaWindsor

uCharles wesiThathu (uCharles Philip Arthur George; wazalwa ngo-14 kaLwezi 1948) uyiNgonyama yoMbuso oHlangeneyo kanye neminye imibuso eyi-14 yeCommonwealth.

uCharles uyindodana endala yeNdlovukazi u-Elizabeth II neNkosana uPhilip, iNduna yase-Edinburgh. Wazalwa ngesikhathi sokubusa kukamkhulu wakhe, iNgonyama uGeorge wesiThupha, futhi waba yindlalifa esobala ngemuva kokungena kukanina esikhundleni ngo-1952. Wenziwa iNduna yaseWelisi ngo-1958 futhi ukugcotshwa kulesosikhundla kwabanjwa ngo-1969. Wafunda eCheam School naseGordonstoun, futhi kamuva wachitha izinyanga eziyisithupha e-Timbertop campus yeGeelong Grammar School eVictoria, e-Ostreliya. Ngemva kokuphothula iziqu zobuncunda kwezomlando, wakhonza iBhutho leZulu lasebuKhosini naseButhweni lolwandle lwasebuKhosini kusukela ngo-1971 kuya ku-1976. Washada iNenekazi uDiana wakwaSpencer ngo-1981 futhi baba namadodana amabili, uWilliam noHarry. uCharles noDiana bahlukanisa ngo-1996 ngemuva kweminyaka yokwehlukana kanye nokuphinga kukaCharles noCamilla Parker Bowles. uDiana washona ngonyaka olandelayo ngenxa yokulimala kwakhe engozini yemoto. Ngo-2005, uCharles washada nomlingani wakhe owayethandana naye isikhathi eside, uCamilla Parker Bowles.

Njengendlalifa esobala, uCharles ufeze iqhaza likanina ekunkundleni nasemicimbini esemthethweni futhi umele uMbuso oHlangeneyo ngaphesheya. Usungule iPrince's Trust nge-1976, waxhasa ngokezemali iPrince's Charities futhi wayesingatha izinhlangano zenhlalanhle eziphezu kwama-800. Wayengumkhulumeli wokulondolozwa kwezakhiwo ezindala futhi wobumqoka bobucikozakhiwo obakudala emphakathini. Ngenxa yalokho, wakhe idolobha lasePoundbury. uCharles wayengumkhulumelimvelo osingathe ulimo olwemvelo kanye nokuphokophela ukubhekisana nokuguquka kwesimo sezulu obubangwa nguluntu ngenkathi engumphathahlelo wezindawo zeDuchy of Cornwall, ekuholele ekutheni aklonyiswe ngenxa yezenzo zakhe. Wayengumphikisani esiqhakanjisiwe sokudla okuguqulwe ufuzo futhi uhehe ugxeko ngenxa yokuxhasa izilaphisi ezingajwayelekile. Ubhale noma wayengabanye bababhali bezincwadi ezi-17.

uCharles ubeyinkosu emuva kokukhothama kukanina ngama-2022. Eneminyaka engama-73, wayengumuntu omdala kubobonke ukuhlala esihlalweni sasebukhosini saseBhulithani. Lokhu kwakulandela ukhonzo lwakhe okuba iNkosana yaseWelisi olwalude ukundula bonke abantu emlandweni waseBhulithani. Izigameko eziqhakanjisiwe zenkathi yakhe esikhundleni sobukhosi kungukugcotshwa kwakhe ngama-2023, ukuxilongwa isifo somdlavuzo ngama-2024 ekuholele ekuhlehlisweni kwokukhonza kwakhe emphakathini, kanye nokuphucwa kwezihloko ezazisele zikaAndrew, umfowabo ongumninawa.