USuku Lamazwe Omhlaba Lokuqeda Udlame olubhekiswe Kwabesifazane
Ummomo
UMkhandlu-jikelele WeZizwe Ezihlangene ukhethe usuku lukaNovember 25 njengoSuku Lamazwe Omhlaba Lokuqeda Udlame olubhekiswe Kwabesifazane (Resolution 54/134).[1] Isisekelo sosuku ukuqwashisa abantu emhlabeni wonke ukuthi abesifazane babhekana nokudlwengulwa, udlame lasekhaya nezinye izinhlobo zobudlova; ngaphezu kwalokho, enye yezinhloso zosuku ukuqokomisa ukuthi isilinganiso kanye nesimo sangempela salolu daba zifihliwe.
- ↑ "International Day for the Elimination of Violence against Women". United Nations. 2013. Kulandwe ngomhlaka 21 March 2013.