Jump to content

Ubhanana

Kubuya ku Wikipedia

Ubhanana isithelo esidliwayo esingenazo izinhlamvu esimila ezindaweni ezinamanzi amaningi. Amakhasi kabhanana anombala oluhlaza uma ungakalungele ukudliwa, lapha usuke usaluhlaza. Kuthi lapho amakhasi awo eba nombala ophuzi usuke usuvuthiwe, kusho ukuthi isilungele ukudliwa.

Igama lesayensi likabhanana lithi Musa[1]. Leligama lanikwa lesisitshalo yisazi semvelo esidumile saseSweden uCarl Linnaeus. Akucaci ukuthi lithathwephi, mhlawumbe lithathwe egameni lesi-Arabhu elithi mauz[2].

Ubhanana
Isihlahla sikabhanana
Ubhanana ovuthiwe

Ubhanana isithelo esinomsoco odingekayo emzimbeni, esaziwa ngokuba luphuzi uma uvuthiwe, uluhlaza uma ungavuthwanga usemncane, kodwa uma usuvuthwe kakhulu uba nombala onsundu futhi uthambile kakhulu.Ubhanana uvame ukuba nomumo ojiyile, omude uma usuvuthiwe kanti ubamfishane uma ungakavuthwa futhi ugobeke kancane. Unencasa emnandi futhi uthambile ngaphakathi okwenza kube lula ukuwudla.[3]

Ubhanana uqukethe i-potassium esiza inhliziyo nemisipha ukuthi kusebenze kahle, uphinde ube no vitamin B6,C kanye ne fiber okusiza ngokugaya ukudla nasekuciniseni amasosha omzimba. Ubhanana ukhula ezindawe ezishisayo kakhulu futhi sikhula sinamaqabunga amade bese izithelo zakhona zikhula zihlangene zibe yizigaxa, yisitshalo esikhula ngokushesha futhi sidinga amanzi amaningi ukuze sikhule kahle. Abanye abantu bawusebenzisela ukwenza amakhekhe, amajusi,ukwenza isaladi lezithelo kanye nokunye.[4] [5]

Ubhanana ulungele ukudliwa inoma imuphi umuntu abadala nabancane futhi ulungelekile ukudliwa abantu abagulayo ngenxa yokuthi uthambile futhi kulula ukuwugaya.Ubhanana kulula ukuwuthola, ukuwudla nokuwusebenzisa ezindleleni ezahlukene zokupheka, ngakho-ke ubhanana uyisithelo esiwusizo nesithandwa kakhulu emhlabeni wonke.[6]

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Plants of the World Online
  2. Hyam, R.; Pankhurst, R.J. (1995). Plants and their names : a concise dictionary. Oxford: Oxford University Press. p. 329. ISBN 978-0-19-866189-4.
  3. FOODTEN (2025-10-29). "Bananas: 11 Evidence-Based Health Benefits You Need to Know". FOODTEN.com (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.[dead link]
  4. "6 Good Reasons to Eat a Banana Today - HealthXchange". www.healthxchange.sg (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.[dead link]
  5. www.renewcure.com https://www.renewcure.com/health-library/benefits-of-bananas/?sem_campaign=PMAXRCWEBSITE_SouthAfrica&gad_source=1&gad_campaignid=23491310563&gbraid=0AAAABCLuM5f0pru-e6bDct5DxmNuEafRR&gclid=EAIaIQobChMIhKD9qcb6kgMVEJlQBh3qzzeLEAAYAiAAEgLcW_D_BwE. Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28. Missing or empty |title= (help)
  6. "Are Bananas Good for You? 6+ Health Benefits". Cleveland Clinic (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.

References

[hlela | Hlela umthombo]