Jump to content

Ucingo

Kubuya ku Wikipedia
Ucingo

Ucingo

Ucingo luyithuluzi elibalulekile ekuxhumaneni kwabantu. Lusenza sikwazi ukukhuluma nabanye abantu abasendaweni ekude ngaphandle kokuthi sihambe siye kubo. Namuhla ucingo seluthuthuke kakhulu, njengoba omakhalekhukhwini bengasasetshenziselwa ukukhuluma kuphela, kodwa sebengasetshenziswa ukuthumela imiyalezo, ukuthatha izithombe, ukungena ku-inthanethi nokwenza izingcingo zevidiyo.[1]

Ucingo lwavela ngenxa yemizamo yabasunguli abahlukene ababefuna ukuthuthukisa indlela abantu abaxhumana ngayo. U-Alexander Graham Bell wanikezwa ilungelo lobunikazi locingo e-United States ngomhlaka 7 Mashi 1876. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ngomhlaka 10 Mashi 1876, wenza ukuhlolwa okuphumelelayo lapho inkulumo yezwi yadluliselwa ngocingo waya kumsizi wakhe uThomas Watson.[2]

Ngokuhamba kweminyaka, ucingo lwashintsha lwaba ithuluzi elincane nelisebenziseka kalula. Omakhalekhukhwini benza kube lula ukuthi abantu baxhumane noma kuphi lapho kunenethiwekhi. Abantu basebenzisa izingcingo emakhaya, ezikoleni, emsebenzini nasemabhizinisini. Ucingo lusiza abafundi ekufuneni ulwazi, ekuxhumaneni nothisha nasekusebenzisaneni nabanye abafundi.[3]

Ucingo lubalulekile nasezimeni eziphuthumayo. Umuntu angalusebenzisa ukushayela amaphoyisa, abezimo eziphuthumayo noma amanye amasevisi uma kunengozi. Kanti emabhizinisini, izingcingo zisiza abasebenzi ukuthi baxhumane namakhasimende kanye nabanye abasebenzi ngokushesha.

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ "Who is credited with inventing the telephone?". Library of Congress, Washington, D.C. 20540 USA. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-30.
  2. ↑ Forrester, Rochelle (2020). "Invention of the Telephone". doi.org. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-30.
  3. ↑ Lauer, Josh (2023-03-20). "The telephone answering machine: Mediated presence and the participatory condition". New Media & Society. 26 (12): 6861–6880. doi:10.1177/14614448231159350. ISSN 1461-4448.